UNgqongqoshe wokuHllaliswa Kwabantu uMaggie Govender. Isithombe: Rajesh Jantilal UNgqongqoshe wokuHllaliswa Kwabantu uMaggie Govender. Isithombe: Rajesh Jantilal
Ukuhamba ngolonwabu kohlelo lokwakhela imiphakathi entulayo izindlu zomxhaso KwaZulu-Natal sekuholele ekutheni uhulumeni kuzwelonke asabise ngokuhoxisa uxhaso lwesibonelelo saminyaka yonke lokwakhiwa kwemixhaso kulesi sifundazwe.
Uxhaso kuhlongozwa ukuthi ludluliselwe kwezinye izifundazwe okubonakala ukuthi zidinga kakhulu izindlu.
I-KZN nezinye izifundazwe ezintathu okuyi- Eastern Cape, Western Cape neFree State kuthiwa ziyehluleka ukufinyelela esibalweni esibekiwe sezindlu okumele zakhiwe ngenyanga.
Ngaphezu kwalokhu kuthiwa lezi zifundazwe ziyehluleka ukusebenzisa yonke imali ezisuke zabelwe yona yokwakha izindlu. Kwenzeka lokhu nje sekube nochungechunge lwemibhikisho nezikhalo ezisuke ziqondiswe kuNgqongqoshe wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uNkk Maggie Govender ( osesithombeni), ngokuhamba kancane kokudluliselwa kwezindlu zemixhaso kubantu. Muva nje kuqubuke umsindo elokishini iLamontville ngezindlu zomxhaso ezakhiwe, ezinye zazo okwadingeka ukuthi zidilizwe.
Isimemezelo sokuthi lolu xhaso lungase luhoxiswe senziwe nguMqondisi-Jikelele emnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Thabane Zulu, ePitoli izolo.
UZulu uthe kuzodingeka ukuthi kuthathwe ingxenye yoxhaso lwalezi zifundazwe ezine ludluliselwe kwezinye eziyisikhombisa ezizimisele ngokuhlinzeka abantu ngezindlu.
“Yize zingakadalulwa izifundazwe ezizohlomula kule mali ezodonswa kwezingenzi kahle, sekusele kunqunywe ukuthi kuzoncozulwa malini kulezi zifundazwe,” kusho uZulu.
Uthe uNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Tokyo Sexwale, umatasa nezingxoxo ezithinta lolu daba ngaphambi kokumenyezelwa kwesinqumo esizogcina sithathiwe.
UMnyango wezokuHlaliswa kwabantu kuzwelonke unesamba esingu-R14 billion esikhishwa njalo ngonyaka ukuze kuqhutshwe izinhlelo ezithinta ukwakhelwa kwabantu izindlu kuzo zonke izifundazwe.
NgoNovemba wonyaka odlule uSexwale wexwayisa ikomidi lezokuhlaliswa kwabantu lasePhalamende ngokuthi izifundazwe eziningi azenzi kahle ekuhlinzekweni kwezindlu zomxhaso.
Zonke izifundazwe zacelwa ukuba zithumelele umnyango kazwelonke izindlela ezizokwenza ngazo isiqiniseko sokuthi kuyenzeka lokhu okulindelwe kuzona.
UMengameli wenhlangano eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe yize bekuncoma ukunekwa obala kwezifundazwe ezingenzi kahle kodwa abahambisani nokuthi ziphucwe imali.
“Ukuthatha imali yezinye izifundazwe inikezwe ezinye ngeke kuyixazulule inkinga ekhona yokugodola kwabantu bengenazo izindlu. Abantu okumele akhulume nabo ungqongqoshe kazwelonke yibo labo abasuke bakhelwa lezo zindlu,” kusho uZikode.
Imizamo yokuthola okhulumela uNgqongqoshe waKwaZulu-Natal ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.